Jump to content

UbuChwepheshe boKwaziswa nezokuXhumana

Mayelana Wikipedia
Ibalazwe lesicabango sokusetshenziswa kobuchwepheshe boKwaziswa nokuxhumana (uKwaziswa) kwinhlolokhono yezemfundo ngokwe-International Federation of ICT (i-IFGICT)

UbuChwepheshe boKwaziswa nokuXhumana (obubizwa nangokuthi ubuChwepheshe bezoKwaziswa nezokuXhumana) igama elijija lelo elithi ubuChwepheshe bezoKwaziswa eligcizelela iqhaza lezokuxhumana ezibumbene kanye nokudidiyelwa kwezokuXhumanakude (telecommunications) (izintambo zocingo neziyabizo ezingenantambo) nezicikizi, kanye namahlelokusebenza athengiswayo ayimfuneko, iziphathamniningo nokunye okwenza abasebenzisi bezicikizi bakwazi ukufikelela, ukuqoqlnga, ukufufukisa, ukuqonda nokulumba ukwaziswa.

UbuChwepheshe boKwaziswa nezokuXhumana igama elibuye lisetshenziswe lapho kubhekiselwa ekuhlanganeni kwemibukomsindo (audiovisuals) nezixhoxho zocingo kanye nezixhoxho zesicikizi endophini eyodwa noma ngohlelo lokhongco. Kukhona izinxephezelo ezinkulu ezingokomnotho zokuhlangaisa izoxhoxho zezincingo kanye nohlelo lwesixhoxho sesiCikizi ngokusebenzisa uhlelo olubumbene olulodwa lokufaka izindophi, ukusabalalisa isiyabizo, nokuphathwa. Ubuchwepheshe boKwaziswa nezokuxhumana yibizo elihlanganisa kwasani, noma iyiphi inguxa yezokuxhumana, kuhlanganisa nomsakazo, umabonakude, omakhalekhukhwini, izimiso zamaduna nokunye, kanye nezinkonzo nezilekeleli ezihlukene zazo ezifana ukungqungquthela ngombukiso nokufunda buqamama. Ubuchwepheshe bokwaziswa nokuxhumana bubuye buhlanganise nobuchwepheshe benzuko, obufana nokuxhumana ngephepha, nanoma iyiphi indlela yokufufukisa ukuxhumana.

Ubuchwepheshe bokwaziswa nokuxhumana yisihloko esibanzi esinezicabango ezithubekayo. Sihlanganisa noma yimiphi imikhiqizo engakwazi ukuqoqonga, ukulanda, ukuthonya, nokufufukisa , noma ukwamukela ukwaziswa ngamazuba noma ngesimo sezezibhangqiwe (isb. ngezicikizi kuhlanganisa nomakhalipha, omabonakude bezezibhangqiwe, incwazuba, nezithununu). UHlaka lwakaKhono weNkathi yoKwaziswa lungolunye unongo lokuchazisa nokuphathwa kokufaneleka kwezingcwepheshi zlbuchwepheshe bokwaziswa nezokuxhumana kuleli khulu lama-21.